Kushone oyedwa kwalimala omunye esigamekweni esenzeke kwaChicken Licken

2018-04-30 16:00

Pretoria - Kushone indoda kwalimala enye esigamekweni okukholakala ukuthi ngesokuzama ukuphanga endaweni yokudlela empumalanga yePitoli ngoMgqibelo, kubika iPretoria East Rekord.

Isigameko senzeke ngezithuba zabo-20:45 esitolo sakwaChicken Licken eSilverwater Crossing Mall.

Imininingwane yesigameko sayicacanga ngeSonto, kodwa ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa uCaptain Colette Weilbach, kusolwa ukuthi kungene amadoda amabili angaziwa esitolo ngenhloso yokuzobamba inkunzi.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe abantu ababili bethenga kwa-KFC

Uthe kufike amakhasimende amathathu esitolo kodwa ngaphambi kokuba angene ngaphakathi, adutshulwa.

"Omunye wamakhasimende walimala emlenzeni," usho njalo.

Ngaleso sikhathi, kube sekufika elinye ikhasimende lihamba ngemoto, abasolwa bavulela ngenhlamvu bebhekise kulo.

"Kusolwa ukuthi abasolwa babecabanga ukuthi kufika amaphoyisa endaweni yeisgameko, babe sebebaleka," usho njalo.

"Ikhasimende elalimala emlenzeni lakwazi ukuzishayelela laze layofika esiteshini samaphoyisa aseSilverton.

"Ngesikhathi le ndoda ifika esiteshini samaphoyisa, yayopha kakhulu. Ngesikhathi ichazela amaphoyisa ukuthi kwenzekekni, yavele yawa phansi, yaquleka, ngemuva kwesikhashana yahlonzwa njengoshonile," kusho uWeilbach.

Uthe kuvulwe amacala okubulala nelokuzama ukubulala, amaphoyisa aphenya izinsolo zokuzama ukuphanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.