Kushone umama, kwalimala indodakazi engozini eyenzeke eThekwini

2017-12-04 18:00

Durban – Kushone owesifazane oneminyaka engu-54 ubudala kwathi indodakazi yakhe, 22, yalimala ngemuva kokwehla kwengozi enyantisa igazi ebandakanya amaloli amabili nemoto encane eThekwini, ngoMsombuluko ekuseni.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo zakwaRescue Care uGarrith Jamieson, uthe umufi ubehlezi eceleni kule moto ebishayelwa yindodakazi yakhe.

Le ngozi yenzeke kuBellair Road ngaseNkosi Albert Luthuli Central Hospital, eCato Manor, ngabo-08:30.

UJamieson uthe indodakazi yalo wesifazane ibhajwe ngaphakathi kule moto cishe isikhathi esingangehora nesigamu ngemuva kokuba kwenzeke le ngozi.

OLUNYE UDABA: Kulimale 7 wabantu engozini yebhasi eThekwini

Izicishamlilo kudingeke ukuba zisebenzise izindlawu ukuyikhipha, esho.

"Ube esephuthunyiswa esibhedlela esiseduzane isimo sisibi kepha sizinzile," esho.

Bobabili abashayeli bamaloli bathole imihuzukwana kule ngozi, ephetha.

ISITHOMBE:

Kushone owesifazane kwathi indodakazi yakhe yalimala ngesikhathi amaloli amabili eshayisana neloli kuBellair Road eThekwini. (Isithombe: Rescue Care)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.