Kushone umfana, 10, kusha eW Cape

2018-03-04 08:30

Cape Town - Kushone umfana, 10, nowesifazane esigamekweni sokusha ePholile Park eStrand eduzane naseKapa ngoMgqibelo, kusho okhulumela izimo eziphuthumayo uTheo Layne.

Khonamanjalo, abezicishamlilo e-Overberg namanje basamatasa ngokubhula ilangabi endaweni.

Isikhulu samaphoyisa omgwaqo uKenny Africa sithe amaphoyisa amatasa akhipha abantu ezindlini eduzane nasePearly beach.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Kushone umama nengane kusha umjondolo eGoli

"Mukhulu umlilo futhi usumoshe kakhulu," kusho u-Africa.

Umlilo waseStrand uqubuke ngoMgqibelo ekuseni.

Izakhamuzi ezihlala emjondolo khona endaweni sezisele dengwane.

ULayne uthe lo mlilo uthinte nezinye izingxenye zaseKapa kodwa usulawulekile.

"Usucishiwe umlilo oseCape Point nobusha eTable Mountain," esho.

Kudingeke amaloli amabili ezicishamlilo, amathangi amanzi namalungu angu-60 ukubhula umlilo eCape Point.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.