Kushone umfana, 7, engozini yemoto eThekwini

2017-01-24 11:30

Durban – Umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala ushonile, kwathi omunye walimala kabi engozini yemoto eyenzeke eMobeni, eningizimu yeTheku, ngoLwesibili ekuseni.

Okhulumela iRescue Care, uGarrith Jamieson, uthe abosizo lokuqala baphuthume endaweni yesehlakalo, ezimpambanweni zomgwaqo uSouth Coast noBlamey ngemuva kokuba imoto encane ishayiswe yitekisi.

OLUNYE UDABA: Kumiswe amaphoyisa ngezinsolo zenkohlakalo

"Kwesikutholile endaweni yesehlakalo, itekisi ishayise imoto encane. Abafana ababili, oneminyaka eyisikhombisa noneminyaka emine ubudala bebesemotweni beya esikoleni ngesikhathi sengozi ebashiye belimele kabi,” usho kanje.

UJamieson uthe ingane eneminyaka eyisikhombisa ubudala ilimale kabi yagcina ngokushona, kanti eneminyaka emine ubudala yona iphuthunyiswe esibhedlela isesimeni esibucayi.

Ziyaqhubeka nokwenzeka izingozi ezibulala izingane zesikole eThekwini njengoba kwashona izingane ezine ngesikhathi kushayisana itekisi nebhasi eNtuzuma, KwaZulu-Natal, ngosuku lokuvulwa kwezikole.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.