Kushone umfana okusolakala ukuthi ubehlushwa amabhoklolo esikoleni

2017-09-21 07:01

Johannesburg - Kushone umfana oneminyaka engu-13 ubudala, okusolakala ukuthi bekunamabhoklolo abemhlupha esikoleni esiseBenoni, eKurhuleni, ngemuva kokukhala ngekhanda elinkenkethayo.

Nokho, okhulumela amaphoyisa uColonel Mack Mngomezulu uthe balinde ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kucace ukuthi kube yini imbangela yokushona kwalo mfundi.

Uthe imiphumela yiyo ezobe isiveza ukuthi ngabe lo mfana ubulawe wukushaywa na noma cha.

Ngokusho kukaMngomezulu, lo mfana washaywa ngomhlaka-4 Septhemba kanti lesi sigameko sabikwa kuthishanhloko.

OLUNYE UDABA: Avelile enkantolo ‘amabhoklolo ashaya’ umfundi esikoleni eKZN

"Ngesonto eledlule ngoLwesihlanu, lo mfana uphinde washaywa ngabanye abafundi futhi. Bamushaye ngedolo ekhanda. Ubelokhu ekhala ngekhanda elinkenkethayo waze wangaya ngisho esikoleni ngoLwesibili," esho.

UMngomezulu uqhube ngokuthi kuthe uma umama womfana efika ekhaya ngalolo suku, wathola indodana yakhe ishonile embhedeni.

"Siphenya icala ngokufa komuntu; kuzothi uma sekuphume imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu bese iyaqinisekiswa imbangela yokushona kwakhe umfana."

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2014, umfana waseMgungundlovu wabekwa icala lokubulala ibhoklolo athi lalimhlupha esikoleni.

Lo mfana, 14, kuthiwa weba isibhamu wase eya naso esikoleni wafike wadubula umufi entanyeni, washona.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.