Kushone umfana ominze emgodini

2017-02-18 09:21

Johannesburg – Umfana oneminyaka eyisithupha ubudala uminze emgodini owambiwa ngesikhathi kuqhubeka umklamo wezokuthuthwa kwendle kodwa wangabe usaqhubeka ngenxa yenkinga yezimali, elokishini laseFree State.

Umfana oneminyaka eyisithupha ubedlala nabangani bakhe sekuphume isikole ngesikhathi eshelela engena phakathi, waminza, ngoLwesibili.

Isikole afunda kuso siseduze nale ndawo okwakwakhiwa kuyona.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesilisa otholakale nezidakamizwa ezingabiza u-R1.2m

Umgodi washiywa uvulekile ngesikhathi kwakhiwa izindlu zangasese, elokishini iDikgalaope, kuMasipala uTokologo ngonyaka odlule.

Okhulumela umasipala uCaswell Thlokwe uthe abantu ababenza umsebenzi bayeka ukusebenza ngoDisemba abaphindanga besabuya.

Uthe uMnyango wezaManzi yiwona owawukhokhela lo mklamo ngenhloso yokuqeda izindlu zangasese ezaziwa nge-bucket-toilet.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.