Kushone umshayeli iloli ishayisa yase igqamuka umlilo

2017-02-11 18:29

Cape Town – Umshayeli weloli ushonile ngoLwesihlanu ntambama kulandela ukuthi ehlulekile ukulilawula lase lishayisa ibhuloho ngaseKraaifontein, ngaphandle kwaseKapa.

Le loli ibe isigqamuka amalangabi umshayeli ebhajwe kuyo ngaphakathi.

Lo mshayeli kuthiwa ubesuka eKapa elibangiske ePaarl ngesikhathi iloli liphaphalaza laphuma emgwaqeni layoshayisa unqenqema lwebhuloho eJoostenbergvlakte, kusho okhulumela ezokuthutha eWestern Cape uKenny Africa.

OLUNYE UDABA: Kuvalwe u-N3 iloli lichitha umthwalo ekuseni

“Umshayeli ushe waba ngumlotha,” kulandisa u-Africa.

Kudingeke ukuthi kuvalwe umgwaqo kwaze kwaba sebusuku, esho.

Abezimo eziphuthumayo bakwaNetcare 911 bathe bazame konke okusemandleni kwasho ukuthi isimo singaphezu kwamandla abo.

Izicishamlilo nazo zibizelwe endaweni yesehlakalo ukuba zizobhula umlilo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.