Kushone umsolwa kubhuntsha esokuphanga eMandeni

2017-11-20 14:01

eThekwini - Ithimba lamaphoyisa elihlanganisa iProvincial Trio Crime Task Team beliqaphe ekhoneni lika-M4 North Coast no-M27 njengoba bekuthungathwa umsolwa obekade efunwa ngamaphoyisa ngeSonto.

Kuthiwa lo msolwa ungowaseMandeni, kanti amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi usendleleni yokuyophanga KwaDukuza.

Lo msolwa ubefunelwa amacala ahlanganisa elokubulala, ukuphanga ehlomile, ukuthumba kanye nokugebenga amabhizinisi kanti lawa macala kuthiwa uwenze enzindaweni ezahlukene enyakatho nesifundazwe iKwaZulu-Natal.

OLUNYE UDABA: Owesifazane usola iphoyisa laseNtuzuma ngokumumuncisa ubuntu

Kuthiwa amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi umsolwa uhamba ngetekisi, lithe liqhamuka itekisi elifana naleli ebebebikelwe ngalo, ase eyasondela kuyo.

Ngesikhathi amaphoyisa azame ukumisa leli tekisi ngamathoshi, umsolwa uvulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni.

Kuqale lapho ukudubulana, umsolwa wadutshulwa wasala enkundleni, kuqhuba isitatimende samaphoyisa.

Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili i-9mm Norinco pistol ne-9m Glock pistol kumsolwa.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uxwayise izigebengu ukuba okungenani zithobele amaphoyisa ziphinde zisebenzisane kanye nawo esikhundleni sokuwadubula.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.