Kushone umsolwa oyedwa kudutshulwana namaphoyisa kaNyamazane

2017-09-14 16:01

kwaNyamazane - Kushone owesilisa kwalimala kabi ababili ngesikhathi abasolwa bedubulana namaphoyisa esigamekweni sokudunwa kwemoto ngoLwesithathu eMgungundlovu.

Ngokuthola kwephephandaba lomphakathi i-Edendale Eyethu, amaphoyisa ajahe abasolwa abebehamba ngemoto okusolwa ukuthi ngentshontshwe kwesinye isigameko lapho bekugqekezwa khona umuzi.

Lokhu kuqinisekiswe ngokhulumela amaphoyisa uCaptain Khosi Khonjelwayo.

“Laba basolwa bantshontshe imoto eWestgate, bayisebenzisa ngesikhathi beyogqekeza umuzi ku-Alexandra Road,” kuchaza uKhonjelwayo.

UKhonjelwayo uthe abasolwa abafike kulo muzi bagqekeza bathatha impahla yakhona bayifaka emotweni yakhona kulo muzi bahamba ngayo.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa indoda endaweni yokucima ukoma

“Le moto entshontshwe kugqekezwa umuzi ibine ne-tracker, amaphoyisa alandele umkhondo wayo ayithola e-Aloe Ridge, eWestgate,” kuqhubeka uKhonjelwayo.

Uthe amaphoyisa abe esejaha abasolwa bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise kwabomthetho, nabo baphindisela.

“Ukugijimisana kwabasolwa namaphoyisa kuphelele kaNyamazane, lapho abagcine bebanjwe khona.

Alikho iphoyisa elilimalile kulesi sigameko kanti kuphenywa icala lokuzama ukubulala, elokuduna imoto kanye nokugqekeza.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.