Durban - Kushone usana kwathi abantu ababili balimala kulandela ukuqubuka komlilo emijondolo eseCopesville, eMgungundlovu, ngoLwesibili ekuseni.
Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi kushe imijondolo eminingi, kubika i-ANA.
“Izicishamlilo bese ziqalile ukubhula umlilo ngesikhathi kufika abosizo lokuqala," kusho uMeiring.
OLUNYE UDABA: Kushone amalungu angu-7 omndeni kusha umjondolo
UMeiring uthe ngesikhathi umlilo usucishiwe, kutholakale isidumbu sosana lwentombazane olunezinyanga ezine.
Umama wengane nomngani wakhe balashelwe ukusha base bephuthunyiswa esibhedlela.
Uphethe ngokuthi imbangela yomlilo ayaziwa, kepha izikhulu ziyaphenya ngayo.