Kushone usana obelushiywe nezingane, umuzi uthungeleka ngomlilo

2018-03-01 12:30

Cape Town - Kushone usana olunezinyanga ezine luzelwe kulandela ukuthi umuzi wakubo uthungeleke ngomlilo eBloemfontein.

Kukholakala ukuthi umama walolu sana lomfana ulushiye nezingane zakubo, ezinonyaka owodwa, emithathu nemihlanu ubudala ngesikhathi esayolanda enye ingane eneminyaka engu-8 ubudala esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa uWendy Nkabi uthi enye yalezi zingane ebezisele ekhaya ibiganga ngomentshisi kanti kuzodaleka umlilo.

“Lezi zingane ezindadlana zibe seziphuma ngesamagundane endlini, zishiya ngemuva usana, sezibona ukuthi kuqala umlilo. Omakhelwane nokho bakwazile ukuluhlenga lolu sana obelushe kabi, nokho lwagcina ngokushona.

"Lezi ezinye izingane ezintathu azilimalanga kulesi sigameko."

Kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso, kanti amaphoyisa ayaphenya.

OLUNYE UDABA: Kushone 3 wezingane kusha umjondolo eKapa

Kwesinye isigameko esenzeke e-Atlantis, ngaphandle kwaseKapa, kugwazwe abafundi abathathu emagcekeni esikole i-Atlantis Secondary.

Kusolakala ukuthi lesi sigameko sihlobene nodlame lwezigelekeqe.

La bafundi, abenza uGrade 11 no-12 basesimeni esibucayi esibhedlela ngemuva kokuthola amanxeba okugwazwa emhlane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uJessica Shelver uphawulile ngalesi sigameko, wathi: "Uthishanhloko uthi kube nesigameko sokudubula emphakathini, kwathi ngaso sona leso sikhathi umfundi kaGrade 12 wagwaza abanye abathathu."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.