Kusinde izingane kwashona umama kusha indlu eThekwini

2017-06-22 11:02

Durban - Ushonile umama oshe wangqongqa nendlu kuLewis Byron Road eMalvern, eThekwini, kusho abosizo lokuqala iRescue Care esitatimendeni.

Okhulumela iRescue Care uCeron Lennox uthe isigameko senzeke ngoLwesithathu ebusuku.

"Izingane zalo wesifazane zona zibe nenhlanhla zangasha njengoba zikwazile ukubaleka."

OLUNYE UDABA:Owesifazane ushone nezingane zakhe kusha umjondolo

ULennox uthe umuzi ubusha ubuhanguhangu ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko kanye nabezicishamlilo beTheku.

"Abezicishamlilo babhule ilangabi ngesikhathi abosizo lokuqala bona behlola izingane ezineminyaka emibili nengu-10 ubudala.

"Ngemuva kokubhula umlilo izicishamlilo zingene ngaphakahi endlini zathola owesifazane okukholakala ukuthi uneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala enamanxeba amabi okusha, besekungekho abosizo lokuqala abangakwenza ukumhlenga, wahlonzwa njengoshonile endaweni yesigameko."

Lezi zingane zombili zikwazile ukubalekela kamakhelwane.

Imbangela yesigameko ayaziwa kodwa amaphoyisa ophiko lwe-SAPS nabezicishamlilo bayaphenya.

 - The Citizen

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.