Kusize ukucabanga ngokushesha iphoyisa libelethisa owesimame esiteshini

2017-09-15 16:01

Port Elizabeth – Kusize ukucabanga ngokushesha kwephoyisa elisize owesimame wabeletha ingane yakhe esiteshini samaphoyisa eMlungisi, e-Eastern Cape.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine ebusuku ngesikhathi lo wesimame efika esiteshini eyocela usizo.

UCaptain Namhla Mdleleni, okhulumela amaphoyisa, uthe lo wesimame ufike kulesi siteshi eyocela amaphoyisa ukuba amtholele abosizo oluphuthumayo.

UMdleleni uthi kucacile ukuthi ingane ibinezinye izinhlelo futhi ingasakwazi ukulinda.

“UConstable Nomakhaya Xezu usheshe wavala umnyango wasiza lo wesimame ukuba abelethe ngoba isimo besesiphuthuma kakhulu,” kusho uMdleleni.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa 'lidubule labulala' izintombi ezaliqola ngemuva kokujuxuza

Uqhubeke wathi abezimo eziphuthumayo bafike ingane isibelethiwe, bahlola umama nendodana ngaphambi kokubaphuthumisa esibhedlela.

IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa kulesi sifundazwe, uLieutenant Colonel Xolani Salinger, umncome kakhulu uXezu ngokuzinikela kwakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.