'Kusizumile ukudlula kweNkosi uVela Shembe ngoba kayigulanga'

2017-11-24 12:37

eThekwini - Yize kungakaqinisekiswa kahle okuthathe umphefumulo weNkosi uVela Shemba, kodwa akuwona umdlavuza. Le nkosi ikhothame ngezintatha zangoLwesihlanu isekhaya layo eMthwalume.

Ngokusho kukaNkululeko Mthethwa okhulumela ibandla, bashaqeke kakhulu ngokwenzekile ngoba kubazumile.

"Sishaqekile ngokukhothama kweNkosi ngoba kusizume kakhulu singalindele. Zolo lokhu ibingenakinga iphila, kodwa savuka ngezibuhlungu namuhla," kusho uMthethwa.

UMthethwa uthi bayawaphebeza amahlebezi athi inkosi ithathwe yisifo somdlavuza.

"Siyazi ukuthi umdlavuza akusona isifo esikuzumayo, kodwa sikuhlasela kancane kancane kuze kube siyakunqoba. Lokhu singakuthatha ngokudlula emhlabeni ngokwemvelo yize kuyisibhedlela esizoqinisekisa ukuthi ithathwe yini iNkosi," kusho yena.

OLUNYE UDABA: SHEMBE: UNyazilwezulu vs Imisebeyelanga

Inkosi ikhothama nje ibisekhaya layo eMthwalume nomndeni.

Ngokusho kukaMthethwa, umndeni kanye nobuholi bebandla, busazobamba umhlangano ukuze kudingidwe kahle konke okufanele kwenzeke bese kuqalwa inqubo efanelele ilandelwe ngokosiko.

"Kusasekuseni kakhulu ukuthi ngingaphawula ngezinto ezizokwenziwa njengoba sisalinde ukuba nomhlangano womndeni kanye nebandla lapho kuzothathwa khona izinqumo ezifanele.

"Siyazi ukuthi ukukhothama kweNkosi akufani nokomuntukazana kodwa kunendlela okwaziswa ngayo abantu; omakhelwane, ibandla kanye nomphakathi wonkana," kubeka uMthethwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.