Kusolakala ukuthi uzibulale nezingane zakhe ezintathu owesifazane otholakale eshonile

2018-05-04 14:03

Umama nezingane zakhe ezintathu batholakale beshonile ngoLwesine emzini osenyakatho-mpumalanga yeNorth Dakota, kanti amaphoyisa asola ukuthi ukufa kwabo kube yisigameko sokubulala nesokuzibulala.

Amaphoyisa athi u-Astra Volk, 35, nezingane zakhe okungoTyler Talmage, 14, u-Aidan Talmage, 10, no-Arianna Talmage, 6, bebenamanxeba okudutshulwa.

Athi kutholakale isibhamu endaweni yesigameko eGrand Forks kanti akekho umsolwa othungathwayo.

Amaphoyisa aphuthume kulo muzi ngoLwesine ekuseni ngemuva kokuthi izikhulu zesikole iLewis and Clark Elementary School zicele amaphoyisa ukuba ayohlola isimo kulo muzi.

OLUNYE UDABA: Ubulale izingane, wazingqokloza ngenhlamvu obecikwa ukuthi umkakhe uyothwasa

IGrand Forks Public Schools ikhiphe isitatimende yathi isebenzisana nezikole obekufunda kuzo lezi zingane ukuze kwelulekwe ngokomqondo izingane nothisha.

UPaula Stevens, 58, ongumakhelwane walo mndeni uthe lo mndeni ubusanda kufika kule ndawo.

"Izingane ezintathu nomama wazo - shwele," esho.

UStevens uthe bese kunesikhathi eside lo muzi ungahlali muntu, kwaze kwabe uyalungiswa kwase kungena umufi nezingane zakhe.

Uthi ubengajwayele ukuwubona lo mndeni ngenxa yokuthi usebenza amahora angajwayelekile.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.