Kusolakala ukuthi uzibulele owesifazane oshone eseholidini

2016-08-17 11:31

Johannesburg – Owesifazane kusolakala ukuthi uzidubule amahlandla amabili washona ngesikhathi esendaweni yezivakashi, kusho abosizo oluphuthumayo.

Lona wesifazane oneminyaka engu-57 ubudala nomyeni wakhe baseMookgopong (Naboomspruit), eLimpopo, bebehlezi eMount Amanzi Holiday Resort, eHartbeespoort, eNorth West, ngesikhathi kwehla lesi sigameko.

Umbiko weKormorant uthi onogada yibo abezwe ukuqhuma kwesibhamu okusho kabili, base bethola isidumbu salo wesifazane sidindilize kuvulandi.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ogilwe umakhwapheni wakhe

“Umyeni wakhe uphuthume emhlanganweni ngoLwesibili ekuseni eMookgopong,” kusho okhulumela i-CPF uRomano van der Spuy.

Lo wesifazane ubedubuleke esifubeni nasegxalabeni.

Amaphoyisa avule icala ngokufa komuntu kanti asola ukuthi lo wesifazane uzibulele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.