Kusolakala ukuthi uzibulele usomabhizinisi otholakale kwakhe eshonile

2017-08-16 07:02

Kimberly -  Usomabhizinisi waseKimberley utholakale edindilizile emzini wakhe oseRoyldene kanti kukholakala ukuthi uzibulele.

UWerner Hauptfleisch obeyi-chartered accountant, utholakale ngoMsombuluko ekuseni.

UHauptfleisch ubesebenza njengomqondinsi wePricewaterhouseCoopers futhi waqokwa njengelungu lebhodi i-South African Institute of Chartered Accountants (SAICA) Board ngoJuni 2014, ubephinde abe nguMengameli weCentral Region Council.

OLUNYE UDABA:Uthi yehlule indaba yentsha nezidakamizwa usomabhizinisi ozinze KwaMashu

Lo somabhizinisi, 46, ushiya ngasemuva unkosikazi kanye nezingane ezimbili.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Dimakatso Mooi, ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu salo somabhizinisi wathi uphenyo lusaqhubeka.

“Kuvulwe icala ngemuva kokutholakala kwesidumbu salo mlisa emzini wakhe. Lesi sidumbu sitholwe yisisebenzi ngemuva kwendlu,” kusho uMooi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.