Kusolwa abazali ngokuziphatha kwabafundi ezikoleni

2018-03-16 18:01

Johannesburg - Umfelandawonye wezinhlangano zezikole iFederation of Governing Bodies of South African Schools (Fedsas), isola abazali ngokuziphatha kwabafundi ezikoleni.

UPaul Colditz, oyisikhulu esiphezulu senhlangano, uthi udlame olushaqe izwe ngesonto eledlule lumayelana nalokho okwenzeka ekhaya.

"Abazali abazikhulisi kahle izingane zabo. Yilokho nje.

"Iningi lezigameko esengike ngasebenza ngazo zokungaziphathi kahle kwezingane zihlobene nezinkinga ezenzeka emakhaya azo. Uma ingane idelela esikoleni, bheka ukuthi kuqhubekani ekhaya. Impendulo uzoyithola lapho," kusho uColditz.

OLUNYE UDABA:Bayameseka abazali umfundi obonakala kwi-video eshaya uthisha

I-video etshengisa umfundi eshaya uthisha ngencwadi yesikole emhlane isabalale ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto, yathola okukhulu ukugxekwa.

Kule video uthisha ubonakala ephuma ngomnyango ekilasini kungathi ukhuluma nocingo ngemuva kokushaywa ngencwadi, kuzwakale abanye abafundi behleka.

Isigameko senzeke esikoleni iThree Rivers Secondary, eSedibeng.

UMnyango wezeMfundo eGauteng umemezele ukuthi inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe kwalo mfundi isiqalile.

 - SowetanLive


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.