Johannesburg - Kugcwele
ama-platform abantu balinde isitimela somtakabani iGautrain engabonwa
nangokhalo, kubika iTimeslive.
Abaphathi be
Gautrain Management Agency basola amandla kagesi ngokungahambi kahle
kwezitimela zikanokusho iGautrain.
OLUNYE UDABA:Basinde ngokulambisa imoto iwela ujantshi kuqhakuma isitimela
“Ukusebenza kwezitimela kuwo wonke amadolobha akuhambi
kahle kusukela ngo-15h57 ntambama. Ochwepheshe bazamile ukukulungisa lokhu
kodwa ukuhamba kwezitimela kusalele emuva ngemizuzu engu-15,” kusho
abe-Gautrain.
Abagibeli balezi zitimela bathathele ezinkundleni
zokuxhumana ukubonisa ukudinwa kwabo ngalesi simo.