Kusolwa ilungu lomndeni ngesidumbu esitholwe emfuleni

2016-08-11 20:31

Pietermaritzburg - Ukutholakala kwesidumbu sentombazane sigqitshe ngamatshe emfuleni endawnei yakaMpumuza eMgungundlovu kushaqise umphakathi.

Amaphoyisa asePlessislaer abikelwa ngokuduka kukaNokuthula Mpanza oneminyaka engu-36 ubudala okuthiwa waduka ngoLwesihlanu oweldlule.

OLUNYE UDABA:  Kuphume isidumbu kungqubuzana imigulukudu eKapa

UMpanza utholwe ngoLwesine (namuhla) emfuleni uMvubukazi embozwe ngeqwaba yamatshe amakhulu, evela kancane ngezimpahla abezigqokile.

Umfowabo kamufi, uBhekisisa Mpanza uthe bajabulela ukuthoal isidumbu sadadeabo.

"Besesikhalela ukuthola ithambio lakhe nje ngoba bese sinezinsolo zokuthi wabulwa ngemuva kokubona igazi endlini yakhe namakhethinisi esekhishiwe, kugcwele negazi phansi," kulandisa uMpanza.

Abephephandaba i-Edendale Eyethu bafike endaweni yesigameko kugcwele umphakathi ukhala ngesihluku somfana.

"Umbulala kanjani nje kodwa  udadewenu  enashiyelana naye ibele, ngoba ekwenzeni nje kangaka usungaze umbulalae," kubalisa elinye ilunga lomphakathi.

Okhulumela amaphoyisa esiteshi sasePlessislaer uCaptain Musa Ntombela uqinisekise ukubikwa kokuduka kukamufi .

"Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanti imbangela yokubulawa kwakhe ayikakaziwa futhi akukakaboshwa muntu," kuchaza uNtombela.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.