Kusolwa imali yesondlo ngoqhekeko emndenini

2017-05-27 09:33

Durban - Ugeqe amagula owesilisa othi uhlukunyezwa ngumalume wakhe ocwila ezinkambini zikaFaro bese ephenduka isilwane.

Lona wesilisa oneminyaka engu- 16 igama lakhe esiligodlile waseMbali,  kade ekhuluma naleliphephandaba uthe akasathandi ukuhlala nomalume wakhe ngenxa yobunzima besimo aphila ngaphansi kwabo.

Lona wesilisa ophila negciwane lengculazi  ukhale ngokubhaxabulelwa into angayazi, ukungakutholi ukudla okuze kuholele ekutheni agwinye amaphilisi kungekho lutho esiswini, kanye nokungathengelwa izimpahla zokugqoka.

“Ngifuna ukubuyiselwa kumama wami  kanye namaphepha anemininingwane yami, sesizame konke okusemandleni ukuthi ngisizakale osonhlalakahle abangisizi ngalutho sengikhathele ukuphila lempilo,” kubeka yena.

Unina wakhe lowesilisa uthe isibonelelo sikahulumeni isona lesi esisuse lomsindo kanye noqhekeko emndenini.

“Udade wethu wayilanda indodana yami ngonyaka ka- 2002 lapho esasihlala khona eGoli wazohlala nayo ekhaya wasuke wacwila ezinkambini zikaFaro wangayibona ngisho ingane isiyeqiwa isikhathi sokugwinya amaphilisi (ARVs).

"Lokho kwaholela ekuguleni kakhulu kwayo osonhlalakahle basebethi kumele itholelwe omunye ozoyigada njengokuba esehlulekile udadewethu umalume ilapho athi yena akanankinga nokuyigada ngoba akukho akwenzayo,” kuchaza  yena.

OLUNYE UDABA:Uphoxekile owesimame obefuna i-ex yenyuse imali yesondlo sengane

Ngokusho kwalo mndeni kuthiwa izinto ziqale ukushintsha ngesikhathi sekuphuma imali yesibonelelo sikahulumeni nalapho umalume aphuma ekhaya wazakhela ikoyi (umkhukhu) lapho ehlala khona nayo ingane.

Uthe ngesikhathi esebuyile ekhaya esecela ingane yakhe, ikhadi lokolanda amaphilisi kanye namaphepha anemininingwane yomntwana agxweve nayo wala ukumbuyisela yona.

“Osonhlalakahle sesigqigqe kubona saze sakhathala asisizakali abakholwa ngisho ingane isho ukuthi iyahlukumezeka bayibona njengomuntu ongenayo ingqondo, uyedwa kuphela umuntu osakhombise ukusisiza uSanelisiwe Ndlovu oyi- Special Prigrammes & Project Officer ehhovisi likaMeya kuMasipala uMsunduzi.

Bangakhi omama abadlala osonhlalakahle abaphucwe amalungelo okuba nezingane zabo mina ngizolilwela elami kuze kube ngiyaphumelela,” kusho umama wakhe umntwana ehlengezela izinyembezi.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNcumisa Ndelu uthe bona bathembela kosonhlalakahle kwizimo ezifana nalezi. “ Akesilinde osonhlalakahle benze uphenyo sizobona uma seluphelile,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.