Kusolwa impi yezigodi ngokushona kwabafundi ababili eMelmoth

2017-08-15 07:01

eMelmoth - Kuqinisekisiwe ukushona kwabafundi ababili ngemuva kokuqubuka kodlame emcimbini wesintu endaweni yaseMthonjaneni.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine kanti kukholakala ukuthi laba bafundi bashone empini yezigodi.

Okhulumela iqembu iNkatha Freedom Party uBlessed Gwala uthi bane abafundi abafunda kwaNxusa High School bashone kule ngxabano kodwa babili osekuqinisekisiwe ngabo.

Ayikacaci kahle imbangela yengxabano eholele ekubulaweni kwalaba bafundi kodwa kuthiwa ihambe yaze yafika kubazali.

OLUNYE UDABA:Abafundi basayiniswa ifomu yokungakhulelwa besafunda

"Okusikhathazayo wukuthi kuyaziwa ukuthi uma kuqala izimpi zezigodi, azipheli kalula ngoba kuba khona nabantu abadala abafuna ukungenelela bezozophindiselela," kusho uGwala.

UGwala uqhubeke wathi kuyakhathaza ukuthi izinkinga ezifana nalezi seziyaqala futhi.

"Okukhathaza kakhulu wukuthi laba bafundi bahamba ngebhasi elilodwa ukuya esikoleni. Uma kunjena umuntu uyazibuza ukuthi kuzokwenzekani uma behlangana esikoleni." 

Ubuye wanxusa amakhosi, izinduna kanye namakhansela ukuba babize imihlangano ephuthumayo nemiphakathi ukunqanda lesi simo, kubika iZululand Observer.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.