Kusolwa indlala ngomlingisi ozibulele

2017-06-16 09:24

Durban – Ukhala ngokulahlekelwa wumngani wakhe omkhulu ngokuzuma umlingisi ongaconsi phansi kubalandeli bakhe.

UNtokozo Msibi obenguChester kuYizo Yizo nongu-Amos njengamanje kuZalo utshele ILANGA LeTheku ukuthi ulahlekelwe kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaJabu Christopher Kubheka odume kumabonakude elingisa emidlalweni eminingi nasezingomeni nabaculi abehlukene.

Kushaqise abaningi ukuvela kwezindaba zokudlula emhlabeni kwakhe. UKubheka ukhunjulwa abaningi ngokulingisa indawo kaGunman kuYizo Yizo noBazooka kuZone 14.

Kuyona ymibili le midlalo ubephambili engeyena umlingisi owengeziwe. Izindaba zokushona kwakhe zisabalale ngoMsombuluko kusihlwa, kusahlawumbiselwa nokuthi uthathwe yini.

“Uyazi benginaye ngoLwesithathu eZola, size saxabana sibanga ukuthi ngubani ozoyolala kubo komunye. Bekumnandi nje sinkintsha saze saya kwenye yezindawo okwakushuthelwa kuyo iZone 14.

OLUNYE UDABA: UMBONO: Lala uphumule 'Gunman'

“Ingaphezu kuka-15 iminyaka sazana naye. Ngithe uma ngizwa ngalokhu ngamfonela kwathi ophendule ifoni waqinisekiska ukuthi ngempela ubhodile. Uthe bathole amaphilisi lapho eshonele khona,” kusho uMsibi wobutepu kuZalo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo uqinisekisile kuTimeslive ukuthi lo mlingisi utholakale ezilengisile wathi kodwa kusazophenywa.

Abanye abasondelene naye bathi uzibulele ngoba enengcindezi, ingekho imali engena ephaketheni ngoba lokhu abedume ngakho yikho abethembele kukho.

Ushiye unkosikazi abeshade naye ngokwesintu nezingane ezingaqinisekiswanga ukuthi zingaki.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.