Kusolwa intombi ngokushona kukababa nendodakazi emlilweni

2018-03-06 19:30

Johannesburg - Indoda nendodakazi yayo eneminyaka emine ubudala bashonile ngemuva kokuba intombi ibabhunyele ngophethiloli yabokhela ngomlilo.

UKhulekani Mshibe nengane yakhe yentombazane bashone ngemuva kokuthola amanxeba okusha amabi ngeSonto ekhaya labo eliseZondi, eSoweto.

Ingane ishonele esibhedlela iMlangeni District eJabulani, kanti uMshibe yena ushone ngemuva kwesikhashana edluliselwe esibhedlela iChris Hani Baragwanath.

Ngesikhathi iphephandaba iSowetan livakashele kulo muzi izolo, omakhelwane bathe ubudlelwano balezi zithandani bebungebuhle futhi bezihlezi zixabana.

Omunye womakhelwane, ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa, uthe waziba ngesikhathi ezwa lezi zithandani zixabana ngoMgqibelo ebusuku ezitshela ukuthi enye yezingxabano zazo eyejwayelekile.

OLUNYE UDABA:'Intombi enesikhwele ibulale unkosikazi nengane yesoka'

"Besazi ukuthi zilwa njalo. Besihlezi sizizwa zixabana.

"Lo wesifazane ubememeza uKhulekani emsola ngokumjolela, ethi uzombulala kanye nezingane uma enquma ukubashiya," kusho lo makhelwane.

Uthe lo wesifazane kuzwakale ukuthi ukhiye umjondolo ngeketangu wabe esewubhunyela ngophethiloli ngaphambi kokokhela ngomlilo wonke umuntu.

"Kukholakala ukuthi ngesikhathi bonke sebelele uvukile, wakhiya umnyanga ngaphambi kokubathela ngophethiloli maqede wathungela wonke umuntu ngomlilo," esho.

USizwe Nkomo, ongomunye womakhelwane, uthe izakhamuzi zihlulekile ukusindisa lo mndeni ngesikhathi sekusha umjondolo.

"Ukuhayiza kwezingane bekuhlasimulisa umzimba, besibezwa sikomunye umuzi. Abakwazanga ukuphuma kanti nathi besingakwazi ukungena ngaphakathi," esho.

UNkomo uthe amalungu omphakathi azame ehluleka ukucisha umlilo ngamanzi abegcwele amabhakede.

Izolo, izihlobo zalo wesifazane bezimatasa ziqoqa imfucuza esale kusha. Umfowabo kamufi uSimphiwe, uthe umndeni ushaqekile ngesigameko.

"Besingalindeleke ukuthi kungenzeka into efana nale nakuba bezikhona izinkinga," esho.

Uthe balinde kufike abadala abasuka KwaZulu-Natal ukuze yomibili imindeni izobamba umhlangano.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Hector Netshivhodza uthe baphenya isigameko sokuzama ukubulala kanti kunedokodo elivuliwe lokubulala.

"Okwamanje besingakaphonsi muntu imibuzo ngoba akekho obonile ukuthi umlilo uqalwe ngubani noma bekukhona bani ngesikhathi uqala.

"Bekungakaboshwa muntu," esho.

 - TimesLive


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.