Kusolwa isikhwele ngokubulawa kowesifazane ethaveni

2017-10-03 12:31

Cape Town - Kusolwa isikhwele ngokubulawa kowesifazane ogwazwe wabulawa ethaveni eWestern Cape, kubika iMosselbay Advertiser.

Kuxabane abantu besifazane ababili abebesethaveni namasoka abo, kuzwakale ukuthi bebebanga owesilisa, ngaphandle wkethaveni.

Kule ngxabano, umufi ushaye umsolwa ngebhodlela, ngemuva kwalokho wagwazwa ngommese esifubeni. Umsolwa wabe esebuyela ngaphakathi ethaveni wayotshela abangani bakhe asekwenzile.

OLUNYE UDABA:Iphoyisa lisola isikhwele sesoka ngokubulawa kwentombazane

Wonke umuntu ube esephumela phandle, bafica owesifazane enamanxeba okugwazwa.

Umnikazi wethaveni ube esephuthumisa lo wesifazane ogwaziwe esibhedlela lapho ahlonzwe khona njengoshonile.

Inqwaba yabantu ezibonele kwenzeka isigameko, umseshi wasesiteshini samaphoyisa aKwaNonqaba, uSergeant Kekaza ucele noma nguba ongase abe nolwazi ukuba axhumane naye ku- 044 606 5600.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo namuhla.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.