Kusolwa isikhwele ngokubulawa kwekhansela le-ANC e-E Cape

2018-04-18 18:00

East London - Kudutshulwe kwabulawa ikhansela lase-Eastern Cape ngoLwesithathu ekuseni e-East London, esifundazweni i-Eastern Cape.

Kuzwakale ukuthi imbangela yesigameko kube yisikhwele.

Kubikwa ukuthi lowo odubule ikhansela naye uzingqokloze ngesibhamu washona.

Isigameko senzeke ku-Ebson Road ngaphandle kwasehhotela iKing Davids, eQuigney, lapho ikhansela ebelihlala khona ngesikhathi lihambele umhlangano wamakhansela. 

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa elinye ikhansela KwaZulu-Natal

Amaphoyisa athi ngeke akwazi ukudalula igama likamufi njengoba umndeni ubungakabikelwa ngesigameko.

"Okwamanje singakuqinisekisa ukuthi kutholakale izidumbu ezimbili, esowesifazane nesowesilisa. Lezi zidumbu zitholwe zinamanxeba okudutshulwa."

Amanye amakhansela abehambele lo mhlangano ashaqekile ngesikhathi kufika iDispatchLive endaweni yesigameko.

Amakhansela bekulindeleke ukuba ahlangane ngo-14:00 ezohlanganisa amakhanda ekutheni kumele ayikhansele yini imihlangano ebisasele noma aqhubeke nayo ngoLwesine.

 - SowetanLive

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.