Kusolwa isinyama kuKomphela

2017-11-20 14:00

Durban - Basola isinyama kuSteve Komphela ongumqeqeshi weKaizer Chiefs abalandeli bale kilabhu njengoba bekholwa wukuthi ngeke inqobe lutho uma engakhishwa sona ngoba ayifuni ukumxosha.

IChiefs iphinde esidume ngakho iwashiswa ijezi kwi-semi-final yeTelkom Knockout yiBidvest Wits iyiguqisa ngoMgqibelo ntambama ngo-1-0 eBidvest Stadium, eGoli, kubika ILANGA.

Igoli okunqobe ngalo iWits lingqofelwe enethini nguJames Keene ngomzuzu ka-28. IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu uWiseman Meyiwa odlala esiswini.

IziMpofana ziye kulo mdlalo ziyizimfivilithi kwazise zisefomini kulezi zinsuku kanti iWits idonsa ngodizili. Nokho ziphoxe abalandeli bazo abebephume ngezinkani ukuzozeseka, bahamba bejabhile.

OLUNYE UDABA: Akukho nami engingakwenza - Komphela

Omunye wabalandeli beChiefs ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa ngoba unobudlelwano obuhle nekilabhu, uthi benozakwabo basola ukuthi uKomphela unesinyama okufanele akhishwe sona uma kuwukuthi le kilabhu izimisele ngokuthatha inkomishi ngale sizini.

"UKomphela siyamthanda impela futhi ikilabhu isiqala ukudlala kahle ngaphansi kobuholi bakhe kodwa izinkomishi ziyamphika. IChiefs idume ngokuba nenhlanhla kodwa lokhu okwenzeka manje kuyacaca ukuthi ngumqeqeshi onesikhwakhwalala okufanele ayokhishwa sona ukuze ziphinde ziqonde izinto ekilabhini.

"UKaizer Motaung ungumuntu omnyama uyazazi lezi zinto angazenzi impumputhe, uKomphela udinga ukuyokhishwa isikhwakhwalala ngoba abafuni ukumxosha.

"Le nkomishi bese siyibalile ngendlela ebesiza kahle ngayo kuyona kuyethusa ukuthi siphumile, akukholakali," kusho lo mlandeli ogcizelele ukuba igama lakhe lingadalulwa.

Udaba oluphelele kwiLANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.