Kusolwa isoka ngowesifazane ogwazwe amanxeba angu-9

2017-08-17 16:01

Johannesburg - Owesifazane waseSoweto ukhathazekile futhi uhlalele ovalweni kulandela ukugwazwa amanxeba angu-9 ngeSonto ntambama.

Lo wesifazane ogama lakhe nguNonkuthalo Nomvalo, 28, kusolakala ukuthi ugwazwe yisoka lakhe.

UNomvalo uthe kwaqubuka ingxabano ngesikhathi ehamba nesoka lakhe u-Ayanda Mnandi endaweni yaseMofolo, eSoweto.

UMandni, 31, kusolwa ukuthi wagwaza uNomvalo amanxeba angu-9 emzimbeni. UNomvalo uthi wasizwa yindoda eyafike yashaya uMnandi ngamatshe ukuze ezoyeka ukumhlasela.

OLUNYE UDABA:Kuphume izidumbu kubangwa isoka

Ngokusho kukaConstable Hlamalani Ngoveni, uMnandi wanikelwa ngumphakathi emaphoyiseni omgwaqo.

Amaphoyisa athi uma emkhuthuza athola isibhamu ephaketheni lakhe, ase emdlulisela esiteshini samaphoyisa aseJabulani.

Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesithathu ngokubandakanyeka esigamekweni sokugwaza wathweswa icala lokuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kusho uNgoveni.

UNomvalo utshele iThe Star ukuthi wathola ukuthi uhlobene noMnandi, wase eyamtshela ukuthi kumele bahlukane.

"Ngacela ukuthi angitshela ngomndeni wakhe wavele wacasuka," kusho uNomvalo.

"Wangibuza ukuthi ngichaza ukuthini uma ngithi asihlukane," eqhuba. "Waphinde wathi ufuna ukungibulala," kusho lo wesifazane.

Uchaze nokuthi uzizwa engaphephile ngoba umsolwa angase aphume ngebheyili ejele kungekudala.

Udadewabo kaNomvalo, uNonzuzo, uthe wathola ucingo oluvela kumama wakhe ohlala KwaZulu-Natal, emtshela ngokuhlaselwa kukaNomvalo.




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.