Kusolwa izinkinga zebandla nezomndeni ngomfundisi ozibulele

2017-10-26 16:01

Durban - Kushaqise amalunga ebandla nawomphakathi waseLovu, eningizimu yeTheku ukuzibulala komfundisi wakule ndawo okubalulwa izinkinga ebezidlula ikhanda njengembangela yokuziyisa kwagoqanyawo ngesonto eledlule, kubika ILANGA.

Kulezi zinkinga eziholele ekutheni uMfu Nhlanhla Ngcobo weGod's Glory Ministries yakhona eLovu, azibulale, kubalwa ukuhlubuka kwabazalwane ebandleni nezinkinga emshadweni.

Ukuzibulala kwakhe kwandise amahlebezi okuthi kubhoke izinkinga emshadweni wakhe njengoba kuthiwa yena nenkosikazi yakhe, uNkk Jabu Ngcobo, bese behlala ngokwahlukana.

Kuvele ukuthi izinkinga zasemshadweni wakhe ziqale ngemuva kokuba ezwane nelinye ilunga lebandla ebelinikela kakhulu, okuyinto egcine itholwa yinkosikazi yakhe.

"Umama utholile ngalokhu wabona ukuthi kungaphezu kwakhe, wakhetha ukuthatha izingane zakhe wabuyela kwelakubo eMpumalanga. Ngemuva kwalokho amalunga ebandla nawo aqalile ashiya kancane kancane ebandleni kwagcina sekunezinkinga. Ibandla bese lingasenayo imali, kangangokuthi umfundisi ubesefuna ngo-dli nemali kaSonto Sikole,” kusho umthombo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, uMfu Ngcobo ubesola umkakhe ukuthi ujola nomunye umculi we-gospel - igama lakhe siligodlile - ngoba eke wacula naye phambilini.

"Ubehlala ekhala ngobudlelwano bomkakhe nalo mculi kwazise ubeze alibeke ngembaba elokuthi akabuqondi kahle," kusho umthombo.

Uthi nokushiya kwamalunga ebandleni bekumhlukumeza njengoba ebengasiqondi isizathu sokushiya kwawo.

Omunye umthombo uthi isizathu sokuhlala ngokuhlukana kukaMfu Ngcobo nomkakhe wukuthi inkosikazi ibingasagculisekile ngendlela izinto ebezenzeka ngayo emshadweni. UMfu Ngcobo ubengomunye wabahola indumiso ebandleni iChesterville Christian Church eholwa nguMfu Themba Mahlaba ngaphambi kokusungula ibandla lakhe.

OLUNYE UDABA: Sekuphele iminyaka emithathu, kodwa kakubaboshwa muntu ngokufa kukaSenzo Meyiwa

UNkk Ngcobo uzikhahlele ngazo zombili izinsolo zokuthi ubesehlala ngokuhlukana nomyeni wakhe. “Kungamampunge okushiwo ngomshado wethu, ngeke ngiphike ukuthi bezikhona izinkinga njengakuyona yonke imishado kodwa okwenzeke kumyeni wami kakuhlangene nazo, kuthinta kakhulu ibandla. Kuyaziwa ukuthi ukuba kwami seMpumalanga bekudalwa wumsebenzi njengoba ngisebenza khona kodwa bengibuya njalo ngezimpelasonto kanti uma kumatasa bengibuya ekupheleni kwenyanga," kusho uNkk Ngcobo.

Uthi umyeni wakhe ubesenokhwantalala ngenxa yokuhlakazeka kwebandla. Uthi uthole ucingo eseMpumalanga ngokwenziwe ngumyeni wakhe njengoba kutholwe nencwadi ayibhalile ngesenzo.

"Ushiye incwadi exolisa ngesenzo sakhe, waveza nokuthi uyangithanda ngiziphathe kahle izingane," kuveza uNkk Ngcobo one-albhamu esihloko sithi Wangilwela edidiyelwe nguSipho Makhabane.

Ukuphikile ukuthi umyeni wakhe uke wamsola ngokujola nomculi we-gospel.

“Kakukaze kube nento enjalo naye lapho ekhona uyalazi iqiniso, ngakho abantu mabangakhulumi izinto ezingelona iqiniso ngomshado wethu,” kusho uNkk Ngcobo ephika ukuthi naye uke wasola umfundisi ngokungaziphathi kahle.

Uchaze umyeni wakhe njengomuntu obengakuthandi ukukhuluma, enomoya ophansi othanda abantu futhi oke wasebenza nenqwaba yabefundisi abadumile eThekwini namaphethelo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.