Kusolwa udlame lwamatekisi ngokubulawa kukasomatekisi eKurhuleni

2018-03-28 19:27

Johannesburg - Amaphoyisa aseKurhuleni aqinisekisa ukubulawa komnikazi wamatekisi angaphansi kukasoseshini iZonkizizwe Taxi Association, eThokoza Zone 1, ngomhlaka-23 Mashi.

"Kusolakala ukuthi lo somatekisi, 71, wayehamba ngeToyota Cressida esiliva eZone 1 eZonkizizwe ngesikhathi evinjwa abasolwa abangaziwa ababehamba ngeMercedes Bemz emhlophe.

"Omunye wabasolwa emotweni emhlophe wadubula. Umufi, uMkhombiseni Ndwandwe, 71, wathola inxeba esiphongweni," kusho uCaptain Mvelase, okhulumela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Izinhlangano zamatekisi zikhala ngesinqumo sikaBheki Cele

Abasolwa babe sebebaleka endaweni yesigameko.

UMvelase uthe akukho okwathathwa emotweni kamufi ngemuva kwesigameko.

Uqhube ngokuthi amaphoyisa asola ukuthi imbangela yesigameko ihlobene nodlame lwamatekisi. 

UMvelase unxuse lowo ongase abenolwazi ngabasolwa ukuba axhumane namaphoyisa aseZonkizizwe ku-0119035 712 noma ku-08600 10 111.

Uphenyo luyaqhubeka.


 - Kathorusmail

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.