Kusolwa udlame lwasekhaya ngokuphuma kwezidubmu ezimbili

2016-12-27 13:26

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulwa owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala esigamekweni sodlame lwasekhaya esenzeke eGaMoloi village eLimpopo, kubika iBosveld Review.

Ngokwesitatimende esikhishwe wuBrigadier Motlafela Mojapelo, isigameko, esenzeke ngeSonto ngezithuba zabo-21:00 besiphakathi kwesisulu nesoka laso elineminyaka engu-53 ubudala.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lisola isikhwele sesoka ngokubulawa kwentombazane

"Kusolwa ukuthi kuqubuke ingxabano phakathi kwalezi zithandani, isisulu sabalekela kwamakhelwa. Isoka ebelithukuthele lasidubula sashona ujuqu," kuchaza uMojapelo.

Isoka lesisulu litholwe ngemuva kwesikhashana emzini ebelihlala kulo nesisulu kanti kuthiwa beselizidubulile nalo.

Kukholakala ukuthi isoka, elingelaseNdzhelele esiFundeni saseVhembe, kuthiwa lo wesifazane wayeseke wasinika incwadi yokuzivikela kulo.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba isoka kuzwakale ukuthi lidiliziwe emsebenzini.

Kuvulwe icala lokubulala nedokodo.

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.