Kusolwa ukugxambukela kwezepolitiki ngamathenda onogada eThekwini

2017-08-24 11:09

Johannesburg - Iminyaka eyishumi ilandelana uMkhandlu weDolobha iTheku usuqhube ithenda yonogada engaphezu kuka-R50-million ngenyanga ngaphansi komgomo owasusa umsindo wokukhishwa kwamathenda ezimweni eziphuthumayo.

Lokhu kusho ukuthi izinkampani ezifanayo eziyisishiyagalombili ezibhekelele ukugada izakhiwo zikamasipala eThekwini ziyaqhubeka nokuhlomula ngemuva kweminyaka eyishumi ngemuva kokuthi izinkontileka zazo zaphelelwa yisikhathi ngokusemthethweni.

Lezi zinkampani yi-Enforce Security, iVusa-Isizwe Security, iSharks Protection Services, iRoyal Security, iSecureco Metsu, iMvula Quality Protection, iKhuselani Security and Risk Management kanye ne-Isidingo Security Services.

Umthombo osesikhundleni esiphezulu kulo mkhandlu kanye nosonkontileka ovalelwe ngaphandle nonganeme bobabili bakhala ngokuthi iningi lezinkampani ezihlomulayo zixhumene kakhulu ne-ANC.

Ezine, okungenzeka ukuthi zinhlanu, zibonakala njengezinokuxhumana ngokwepolitiki.

Nangempela, kusolwa ukuthi umzamo wokugcina omkhulu wokuvuselela inkontileka yonogada, ngo-2012, wamiswa ngemuva kokuthi enye yezinkampani eyayigaqele ithenda, Isidingo Security, yahlonzwa njengengeke ikwazi ukunikwa umsebenzi, yabe isisebenzisa umthelela enawo ukuze kuhoxiswe le thenda.

OLUNYE UDABA: UMasipala weTheku umise isikhulu emsebenzini

UMqondisi we-Isidingo, u-Anutheran Padayachee, useziphikile izinsolo. Zonke ezinye izinkampani amaBhungane akwazile ukuzithinta ziphikile ukuthi ukuxhumana ngokwezepolitiki kwaba neqhaza, phakathi kokuthi ekunikwezweni inkontileka noma ekululweni kwayo.

Amabhungane aphinde athola nokuthi ngemuva kwezinyanga ezingu-18 ngemuva kokuba ukufakwa kwezicelo kwavalwa ethendeni entsha yonogada ngoFebhuwari 2016, uphiko lokuphathwa kwezokuphepha kumasipala seluvumile ukuthi lusalele emuva ekukhipheni inkontileka entsha.

Embikweni oyimfihlo othunyelelwe izikhulu eziphezulu zomkhandlu ngoJuni, nowaputshuzelwa amaBhungane, lolu phiko luphinde lwacela ukuba iphinde yelulelwe isikhathi ithenda yasekuqaleni, CMS-0031, izinyanga ezintathu ngaphansi kwezimo eziphuthumayo.

Kuthiwa lolu phiko luzozigcina izinkampani ezingu-8 ngesivumelwano senyanga nenyanga kuze kuphele unyaka ka-2017, noma kuze kuba kukhishwa inkontileka entsha.

USection 36 womgomo womkhandlu wokukhishwa kwamathenda uvumela imenenja yedolobha ukuthi igweme imigudu esemthethweni yokukhishwa kwethenda ngaphansi “kwezimo ezingase zidale isimo esiphuthumayo okungaba ukuthi bekungabonakalanga kusenesikhathi, noma lapho kungeke kwenzeke noma kungekhoneke ukulandela imigudu esemthethweni yokukhishwa kwethenda.”

Lolu phiko selwelule le nkontileka okungenani izikhathi eziyisishiyagalombili  kusukela eminyakeni eyishumi eyedlule, lusebenzisa u-section 36 okungenani izikhathi ezine.

Okunye ukwelulwa kuphakathi kokuthi akuchaziwe kwi-website yomkhandlu, noma kwesekelwe ngesizathu ngokuka-section 5 womgomo wokukhishwa kwamathenda. Lokhu kusho ukuthi noma ngabe yikuphi ukukhishwa kwethenda engaphezu kwenani lika-R10-million kumele kwenziwe yimenenja yedolobha.

Ngaphambilini,. umasipala wachaza ngalokhu kuqhubeka kwalama thenda ngokuthi uthi ukukhishwa kwamathenda bekunokuncintisana okukhulu, nokwaqubula ubungozi bokuthi izakhiwo zikamasipala zizohlala zingagadiwe ngesikhathi kusaxazululwa ukungaboni ngaso linye.

“Ithenda okuyingxubevange kakhulu ukuyikhipha,” kusho uMichael Sutcliffe, owayeyiMenenja yeDolobha ngesikhathi kukhishwa inkontileka yokuqala ngo-2004. “Idinga ukubhekisisa okuningi kanye nokuqinisekisa,” okufana nokuvakasha ezindaweni okusetshenzelwa kuzona.”

Ngesikhathi ecela ukuba achaze ngokuqhutshwa kwala mathenda izikhawu ezimbili ngesikhathi esaphethe,  uSutcliffe uthe izinkinga ngezinto ezibalulekile okwakumele zigcinwe ohlelweni lwethenda lwango-2007 zaholela “ezinyathelweni zomthetho ezilokhu ziqhubekile” ngababefake izicelo zethenda, nokwamenza wakhetha ukuyinqamula imigudu yethenda.

Ukubhekana nalezi zinkinga, kwadingeka asungule uphiko lokuphatha onogada ngaphansi kukaDumisani Bhengu ngo-2008/9 ukubheka izinkontileka, onogada abaphelezela izikhulu, ukuvikelwa kwabantu ababaluleke kakhulu (VIP) kanye nonogada abagada bemi noma behleli endaweni eyodwa.

Uthi waphinde wabandakanya nabo bonke abeluleki bophiko ukuhlola ukuthi abakhokhibentela bathola okubafanele ngempela yini ngemali yabo. “Ngesikhathi ngishiya isikhundla sami ngo-2011, ngangineqholo lokuthi sesizixazulule zonke izinkinga ngemigudu yethenda kanye nokuthi ukukhishwa kwayo kuzolandela ngokushesha ngangaphandle kokubambezeleka,” kusho uSutcliffe.

Le thenda yaphinde yakhangiswa ngo-2012 yilowo owangena esikhundleni sikaSutcliffe njengeMenjenja kaMasipala, uS’bu Sithole, kanti amaBhungane asewabonile amaphepha akhombisa ukuthi kwathi kushaya uSepthemba 2013 zase ziphothuliwe izinkampani ezintsha ezizokwenza umsebenzi  kanti uSithole wayesedinga nje kuphela ukuthi azinikeze amathenda.

Kodwa-ke, okunalokho wavele wakhetha ukuba kube nophenyo lwangaphandle oluzokwenziwa yiDeloitte, wabe esethi okwatholaka ophenyweni kwamphoqa ukuthi anqamule ithenda bese eqala kabusha.

Umthombo oyingxenye yabaphathi abaphezulu kuleli dolobha uthi uSithole akazange awudlulise kwabanye umbiko weDeloitte, ngesikhathi omunye umthombo osondelene nemigudu usole ukuthi inhloso yakhe yokukhipha umyalelo wokuthi kwenziwe uphenyo kwakuwukugwema ukukhipha ithenda “ngezizathu zepolitiki”.

USithole uqale wadlulisela amaBhungane kwidolobha ukuze athole (amaBhungane) ukuphawula, kodwa ngokuhamba kwesikhathi wathi: “Kuzo zonke izindaba [eziphathelene] nezinkontileka noma ukusebenzisa u-section 36, umkhandlu wahlolisisa isiqalo nesiphetho. Lezi zindaba zake zadingidwa enkantolo futhi inkantolo yakhipha isinqumo esivuna uMasipala.”

Yize noma uSithole engazange ayinikeze imininingwane, kodwa kungenzeka ukuthi ubekhuluma ngesicelo sasenkantolo esingaphumelelanga seTactical Security, enye yezinkampani ezawina ithenda, neyayifuna ukuba kubuyiselwe eceleni ukumiswa kwethenda.

Umbiko wophiko lokuphathwa konogada wango-2017 ukhombisa izinkokhelo ezenziwe kwinkampani ngayinye yonogada kusukela ngoJanuwari kuya kuMashi kulo nyaka, nokhombisa imali yonke esikhokhiwe ilinganiselwa ku-R50-million.

AmaBhungane asephinde abona nephepha langaphakathi kumasipala elikhombisa ukuthi izindleko zezinkampani ezawina ohlelweni lwethenda lwango-2012 zingu-R23-million sezizonke – nokusho ukuthi abakhokhi bentela bakhokha kakhulu kunakokho okufanele engabe bayakukhokha.

Kuphinde kube nomunye umsindo mayelana nesivumelwnao sika-R30-million okwafinyelelwa kusona phakathi komkhandlu kanye neVusa-Isizwe, neyakhipha umyalelo wokuvela enkantolo iphonsela inselelo intengo yaminyaka yonke okwaxoxiswana ngayo kabusha nosonkontileka ngemuva kokumoshakala kwangonyaka ka-2012.

Amakhansela amaqembu aphikisayo awazange alibambe iqhaza njengendlela yokubhikisha ngesikhathi lesi sivumelwano sifika ekomitini eliphezulu likamasipala ukuze sigunyazwe.

Le nkampani ayizange itholakale ukuze iphawule. Izingcingo ebezishayelwa ezinombolweni zayo ezibhaliwe azizange ziphendulwe, kanjalo nomyalezo othunyelwe kwi-website yayo.

Ophethe onogada kumasipala, uBhengu; iNhloko yokukhishwa kwamathenda, u-Andre Petersen; kanye nowukhulumelayo, uTozi Mthethwa, abazange baphendule imibuzo emayelana namathenda ezinkampani ezizimele esikhathini esingamasonto amabili.

Esitatimendeni ebesivulelekile, uMthethwa uthe umasipala unemigudu eqinile necacile ekhona yokukhishwa kwamathenda nesetshenziswayo ekukhishweni kwazo zonke izinkontileka, lokhu kubandakanya nokukhishwa kwezinkontileka zonogada”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.