Kusolwa ukugxambukela kwezombusazwe ngezinkinga ezibhekene namaphoyisa

2017-10-23 12:30

Durban - Ngaphambi kokuba umbutho wamaphoyisa kuleli i-SAPS ukhiphe izibalo zawo ngezinga lobugebengu eNingizimu Afrika, i-Corruption Watch kanye ne-Institute for Security Studies (i-ISS) sebeveze owabo umbono ngezinga lobugebengu kuleli.

Lezi zikhungo zombili zikhala ngokuthi indlela yezokulawula nokugcinwa komthetho igqamisa izingqinamba ezibhekene nabaholi bamaphoyisa kuleli lizwe elinesibalo esiphezulu sodlame nobugebengu.

Le yingxenye yomkhankaso wokuzama ukuguqula indlela okuqokwa ngayo uKhomishana wamaPhoyisa kanye neNhloko yezoKlebe kuzwelonke.

"Inkinga ebhekene namaphoyisa njengamanje yimiphumela yokungaqini kobuholi balo mbutho," kusho isitatimende.

OLUNYE UDABA: I-SAPS ithi ishaqekile ngokuphenywa kwakhomishana

Lezi zikhungo zithole ukuthi iningi lamaphoyisa awenza kahle umsebenzi awakhushulelwa ezikhundleni eziphezulu ngenxa yezizathu zepolitiki, kanti futhi uMengameli Jacob Zuma nguye kuphela onamandla okukhetha uKhomishana ngokuthanda kwakhe – okusho ukuthi izinkinga ezibhekene namaphoyisa zinogcobho wezepolitiki.

Lezi zikhungo ziphinde zancoma ukuthi kumele kuqokwe ukhomishana wamaphoyisa othembekile nozokwazi ukuhola umbutho ekutheni wenze umsebenzi ozothela izithelo zokwehla kobugebengu nenkohlakalo eNingizimu Afrika.

Ziphinde zakhala ngokuthi ukulahlwa ngamacala kukaJackie Selebi owayenguKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke kwasehlisa isithunzi salo msebenzi.

"Lokhu kwaholela ekutheni bonke okhomishana abaqokwa ngemuva kwakhe bangabe besathenjwa ngenxa yokulahlwa kwakhe ngamacala," kuqhuba isitatimende.

“Iyakhathaza futhi eyokunyuka ngo-20% kwesibalo sabantu ababulawayo kuleli kusukela ngo-2011/12,” kusho lezi zikhungo ngesitatimende.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.