Kusolwa ukuthi belibanjwa inkunzi iphoyisa elibulewe

2016-07-25 17:31

Cape Town - Iphoyisa lomgwaqo lase-Eastern Cape lidutshulwe lashona esigamekweni okusolwa ukuthi belibanjwa kuso inkunzi ePort Elizabeth.

Kukholakala ukuthi leli phoyisa lidutshulwe amahlandla ayisishiyagalombili.

Lesi sigameko senzeke lingena kwalo eMotherwell ngeSonto ebusuku.

Izikhulu zithi ziyaphenya ukuthi ngabe isibhamu salo somsebenzi sebiwe kulesi sigameko na.

OLUNYE UDABA: Kubulawe iphoyisa ngaKwaDukuza

Okhulumela amaphoyisa uMncedisi Mbombo uthe: "Kutholakale isidumbu sephoyisa elineminyaka engu-45 ubudala sinamahlandla okudutshulwa.

"Belidutshulwe ekhanda nasemzimbeni, kanti kukholakala ukuthi beliphuma emsebenzini ngesikhathi lihlaselwa," esho.

Uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sehlakalo, kanti kuphenywa icala lokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.