Kusolwa ukuthi ubebukhile umshayeli webhasi kweyaseMlazi

2016-07-05 12:32

Durban – Kusolakala ukuthi ubecwile ezinkambeni zikaFaro umshayeli webhasi kaMasipala weTheku, eshayise imoto ebimile kuMangosuthi Highway, eMlazi, ngoMsombuluko ntambama.

Kuthiwa ibhasi lishayise imoto iToyota Yaris, ngenhlanhla kwangalimala muntu ngoba abanikazi bayo bebesaphumile behambise ingane kagogo wayo.

Kuthiwa laba bebephuma eMandeni, ngokusho kombiko weSolezwe.

Abagibeli bathi bebevele bemsola umshayeli njengoba ebeshayela kabi indlela yonke.

OLUNYE UDABA: Kulimale abantu abangu-28 engozini yebhasi eKZN

“Besivele singayiboni kahle indaba yalo mshayeli njengoba ebeshayela ngendlela engaqondakali. Kuthe uma esesukuma ngemuva kwengozi, kwaqathaka amabhodlela kabhiya kuye,” kusho umgibeli.

Kuthiwa lo mshayeli ushayise izinsimbi ezibiyele umgwaqo eJacobs ngaphambi kokushayisa le moto eMlazi.

Okhulumela umasipala akazange atholakale ukuba aphawule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.