Kusolwa ukuthi udlisiwe owe-ANC oshonele esibhedlela

2017-09-05 12:31

Johannesburg - Amaphoyisa enza uphenyo ngokuthi ngabe lowo owayengunobhala jikelele we-ANCYL uSindiso Magaqa udliswe ushevu esesibhedlela yini, lapho ebelashelwa khona kulandela ukudutshulwa ngoJulayi.

Omunye womkhalelwane baMagaqa, ongafunanga ukudalulwa, uthe sekuqubuke amahlebenzi athi akabulawanga amanxeba okudutshulwa – kodwa ubulawe ngokunye okusolisayo.

“Kusolwa ukuthi uSuper [okuyisidlaliso sikaMagaqa] udliswe ushevu ngoba eselulama. Uphathwe yisisu, wabe eseshona,” kusho umakhelwane.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha ogqekeze emzini kaNgqongqoshe

Okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthe: “Sizwile ngalokho [ukuthi udlisiwe]‚ nakanjani, kuzomele sihlole isidumbu. Sizokwazi emva kwalokho-ke ukuthi ngempela ubulawe yini.”

Ebuzwa ukuthi ngabe sekuseqhulwini ukuhlolwa kwesidumbu ngenxa yokuqubuka kwamahlebezi, uMulaudzi uthe: “Yebo, nakanjani.”

Uthe abafuni okwamanje ukwenza isimemezelo esingenasidingo kodwa abangakusho nje ukuthi bavule icala lokubulala ngesigameko sokudubula.

- Sowetan Live 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.