Kusolwa ukuthi unomuthi odlwengula ngesandla

2016-11-09 10:00

Johannesburg - Umalugaju osolwa ngokunyonyobela abantu besifazane emzini yabo emini kabha, ebahlukumeza ngomshini wokunquma izinzipho kukholakala ukuthi usebenzisa umuthi onamandla kakhulu.

Lo malugaju kuthiwa akabonakali esangena endlini kodwa uthi uphenduka nangu usemile.

Uma esengaphakathi endlini, ube eseklwebha phansi i-nail clipper eshiya omaka phansi, ehlukumeza abesifazane ngayo.

OLUNYE UDABA: Kuzwakale ukuthi wathandaza nesisulu umalugaju

Ngokusho kowesifazane le ndoda ayidlwengulani nge'nduku' kodwa isebenzisa isandla ukudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa aseKagiso uWarrant Officer Solomon Sibiya utshele abephephandaba iDaily Sun ukuthi: "Umsolwa udlwengulana ngomunwe futhi akayisebenzisi nekhondomu."

Omunye wezisulu zale ndoda uthe wayepheka ngoMgqibelo ngesikhathi ethuka ebona indoda imemfuka emjondolo wayo.

"Wakhipha umshini wokunquma izinzipho wawuklwebha phansi, eshiya omaka phansi. Ngazama ukuhayiza kodwa yanginqanda," kusho lo wesifazane waseKagiso, eMogale City.

"Akazange angikhumule. Wavele wafaka isandla sakhe phansi kwesiketi sami sayongena esithweni sami sangasese."

Uthe waqeda wabaleka. Lo wesifazane uthe wasaba ukuyobikela amaphoyisa.

"Ngangicabanga ukuthi amaphoyisa angeke aze angikholwe. Ngangithi bazongibuza ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi ngidlwengulwe ngesandla," usho njalo.

Omunye wesifazane uthe le ndoda yaziwa ngelikePhunyuka bemphethe.

"Uvele athushuke nje esikhaleni mase uyaqala umkhuba," usho kanje.

"Sengathi amaphoyisa engayithola."

UWarrant Officer Solomon Sibiya wasesitehsini samaphoyisa aseKagiso uthe kuzwakale ukuthi umsolwa uzenza umhloli wakwa-Eskom.

"Umsolwa usolwa ngokubamba owesifazane emqaleni ayomfaka ekamelweni.

"Wazama ukumlwisa kodwa wamehlula ngamandla wase emdlwengula ngesandla.Isigameko senzeka ngomhlaka-11 Okthoba," esho.

USibiya uthe onolwazi ngokuthi ikuphi umsolwa uyacelwa ukuba athinte amaphoyisa aseKgiso ku-011 696 9059 or 011 969 9000.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.