Kusolwa ukuthi ziyashaywa izitabane kwaShembe ziphinde zihlawuliswe

2018-02-01 12:50

Durban- Indoda yaseMgungundlovu eneminyaka engu-43 ubudala ithi ingenye yamadoda angu-50 ashaywa ngumfundisi esontweni ngokuba yisitabane.

UDumisani Ngcobo uyilungu lebandla lamaNazaretha eBuhleni umisiwe ekuyeni enkonzweni ngokuba yisitabani kanti futhi kufanele akhiphe imali yenhlawulo ngokuhlaza ibandla.

UNgcobo uthe sekujwayelekile ukuhlaselwa kwamadoda ayizitabane esontweni. Uthe naye ubeyile entabeni eKhenana oThongathi. Ebusuku ybelele namanye amadoda etendeni elilodwa.

UNgcobo uthe ubedukelwe yiselula yakhe kanti ngesikhathi eyifuna ebumnyameni uthinte enye indoda ngephutha.

"Ibilele eduze kwami. Ngesikhathi ngifuna iselula yami ngayithinta. Bengingahlose lutho olubi kodwa iselula yami bengingayitholi.

"Ngiyithinte ngephutha yona yabona ukuthi ngiphezu kwezingqondo," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Isimo simanzonzo kwaShembe

UNgcobo uthe ube esebizwa umshumayeli nezikhulu zebandla.

"Umshumayeli wangixwayisa ngokuthi uma ngingalivumi icala uzongibulala. Ngabe sengivuma ukuthi ngimthintile. Ngasho nokuthi ngimthinte  ngenhloso."

"Ngemuva kwalokho ngabizelwa egumbini. Umshumayeli wangisthela ukuthi angikhumule imjiva yesonto. Ngalala phansi ecansini. Wathatha umshiza wangibhaxa ngayo. Ngashaywa umzimba wonke kusuka ekhanda kuya emlenzeni. Wangishaya ngaze ngaphelelwa amandla, ngopha, wabe esengixosha."

Okhulumela ibandla uThokozani Mncwabe uthe usebikelwe ngokushaywa kwabantu. Uthe ibandla alihambisani nemikhuba ebandakanya ucansi uma kusentabeni. 

"Umthetho uthi noma ngubani omelene nayo uyahlawuliswa."

Kodwa, uthe, "akufanele bashaywe abantu. Lokhu akuhambisani nebandla."

Ebuzwa ukuthi ngabe kujwayelekile ukushaywa kwamadoda ayizitabane esontweni, uthe lokho "akwamukelekile".


 - Timeslive

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.