Kusolwa ukwaliwa kotholwe eseshonile

2017-08-14 16:02

Durban - Kusolwa ukwaliwa yisoka njengembangela yokufa kowesifazane isidumbu sakhe esitholakale sidindilizile eziNhlabeni eNgwavuma, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natala ngoMgqibelo – okuthiwa uzibulele.

Asabambe ongezansi amalungu omphakathi wakule ndawo ngesenzo sikaNkz Silindile Vilane, 26, okungaziwa ukuthi uphuzeni ngesikhathi egila le mihlola.

ILANGA lithole ukuthi uNkz Vilane ubenokungaboni ngasolinye nesoka lakhe elinguMnu Sipho Ndlovu, 30, kubangwa ezothando, labe selinquma ukumtshela ukuthi kalisamthandi, mabahlukane.

Kuthiwa ngeledlule uMnu Ndlovu ushayele uNkz Vilane ucingo emtshela ukuthi ucu kalusahlangani, uyacela ukuba angaphinde azihluphe ngokuxhumana naye.

UNkz Vilane kubikwa ukuthi ukushaye indiva lokho. NgoLwesine unikele kubo kaMnu Ndlovu eyomvakashela engamazisile.

UMnu Sihle Ndlovu - ongumfowabo omdala kaSipho, ahlala naye futhi basebenza ndawonye erenki yamatekisi – utshele ILANGA ukuthi babone uNkz Vilane ngezithuba zasemini edlula erenki yamatekisi abasebenza kuyona eyogibela, wangakhuluma lutho kubona.

Uthi sebeqedile ukusebenza, sebebuyela kubo behamba ngemoto nomfowabo, bahlangane noNkz Vilane ngakubo ehamba nelinye ilungu lomphakathi ebelimlindisile ukuthi kuze kubuye uSipho emsebenzini njengoba bekukhiyiwe endlini engakwazi ukungena ngaphakathi.

“Simthathile sahamba naye ngemoto sibheke ekhaya. USipho umbuze ukuthi uvakasha kanjani engashilo, uyaphi ngoba wamtshela ukuthi akasamthandi mabahlukane. Uskwiza (uNkz Vilane) uphendule ngokuthi nje ucela lolu daba balukhulumele endlini sebebobabili ngoba ubesenamahloni kukhona mina emotweni,” esho.

Uthi uhlukane nabo beyongena endlini kaSipho.

OLUNYE UDABA: BUKA: Kudingeke amadoda angu-20 kungwatshwa uTshekeleke

Kuthiwa uNkz Vilane wehlulekile ukwamukela ukuthi akasafunwa, wadinwa wathatha izimpahla zakhe ebusuku wangena indlela.

UMnu Ndlovu uthi umfowano akazange azihluphe ngokuncenga uNkz Vilane ngesikhathi ehamba ebusuku, kunalokho ungene embhedeni walala.

Uthi bethuke bacishe bashayeka phansi ngoMgqibelo emini sebethola ngamalungu omphakathi ukuthi kunesidumbu sowesifazane esitholakale ehlathini.

USihle uthi kumanje amalungu omphakathi asola umfowabo ngokufa kwentombazane ngoba athi igcine ukubonakala ihamba naye.

Uthi umthathile uSipho wamhambisa emaphoyiseni ngoba esabela ukuphepha kwakhe, wafike wachaza okwenzakele.

NgeSonto uSipho ubesagcinwe emaphoyiseni ephekwa ngemibuzo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe sekuqaliswe uphenyo ngokutholakala kwesidumbu somuntu.

Uthi kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuthola ukuthi ubulawe yini.

Utshele iphephandaba ukuthi uSipho usaphekwa ngemibuzo, kalikho icala asathweswe lona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.