Kusolwa umfanyana, 4, ngokushisa kubo ekade edlala ngomentshisi

2018-03-23 16:00

Durban - Usana olunezinyanga ezine luzelwe kanye nogogo walo balashelwe ukuhogela intuthu ngemuva kokuthi umuzi abebekuwo wokhelwe ngomlilo yingane yakhona yomfana eneminyaka emine ubudala, ePhoenix, enyakatho yeTheku, ngoLwesihlanu.

Lo mlilo udale umonakalo omkhulu kwamanye amafulethi ase-Everham Place, eWestham, kwadingeka ukuthi kukhishwe bonke abantu abahlala kuwo, kusho okhulumela iReaction Unit South Africa (RUSA) uPrem Balram. Akulimalanga muntu kulesi sigameko.

UBalram uthe kusolakala ukuthi lo mfanyana ubedlala ngomentshisi kwelinye lamagumbi okulala.

OLUNYE UDABA: Kushone isiguli kuqubuka umlilo esibhedlela

"Ngezithuba zabo-08:44, amalungu eReaction Unit South Africa anikele kulo muzi ngemuva kokuthola ucingo oluvela kwizakhamuzi zibika ngalo mlilo.

"Athe uma efika athola ukuthi ingxenye esesitezi yalo muzi isha ubuhanguhangu," esho.

Labo nogada kudingeke ukuthi bakhiphe imindeni ehlala emafulethini amabili axhumene nalo muzi obusha "ngenxa yokuthi amalangabu nentuthu bese kusabalala", kusho uBalram.

Uthe izicishamlilo zibizelwe kule ndawo zakwazi ukubhula lo mlilo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko.

IZITHOMBE: 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.