Kusongelana abefundisi abadumile baseKZN

2016-05-16 10:03

Durban - Abefundisi abadumile eThekwini basabisane ngokuthathelana izinyathelo zomthetho kulandela inkulumo ebhalwe ngomunye wabo kuFacebook, kubika iphephandaba iLANGA.

Iwotha ubomvu inkosi yoMnala, uHamilton Nala, ngesenzo sikamfundisi Vusi Dube weThekwini Community Church (ECC), athi umbize ngomthakathi ethi uthatha izicubu zabantu.

UNala kuthiwa usho kanje ngemuva kokuba ebone umbhalo kaDube kuFacebook, ofundeka kanje: “Uma kuyiqiniso ukuthi ubugwili bukaNala budalwa yile mikhuba okukhulunywa ngayo, ukusika abantu besilisa izitho zangasese kuyobayihlazo kakhulu!... Cha izwe lizobhubha maduze abantu baseZululand benza kahle bavale ibhizinisi likaNala elakhelwe ekubulaleni abantu.”

Funda nalolu daba: Owesifazane ushise indodakazi ngoba izichamele

UNala kuthiwa ukhala ngokuthi umbhalo kaDube umhlanganisa nezinto angahlangene nazo, ibhizini okukhulunywa ngalo ngelo mfowabo, hhayi elakhe.

Ngakho kuthiwa uthe sekuyisikhathi sokuba amthathele izinyathelo zomthetho uDube.

UDube, ngokombiko wephephandaba uthe akumkhathazi okushiwo uNala ngoba yena ubephawula njengelungu lomphakathi ngodaba alubone emaphephandabeni.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.