Kusuke isidumo kusabalala i-video kathisha elele nomfundi eNquthu

2016-08-18 14:30

Durban – Abafundi bavuke umbhejazane bashisa isikole esisemakhaya KwaZulu-Natal ngemuva kokusabalala kwe-video etshengisa uthisha ezitika ngocansi nomfundi ekotishi yesikole.

Le video kuthiwa isabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Lesi sigameko senzeke eKucabangeni High School, eNquthu, nokudale ukuthi abafundi bathukuthele base beshisa leli kotishi okwenzeke kulo lesi sehlakalo.

La bafundi baphinde banxenxa ukuthi lo thisha angavunyelwa ukuba alubhade kulesi sikole.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale izingane zakhe ethola ivideo yazo yocansi

Kusolakala ukuthi ngesikhathi abafundi bezama ukuhlasela lo thisha, bekukhona omunye umfundi obengaphakathi, okungenzeka ukuthi ungomunye wezisulu zakhe.

UNgqonqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMthandeni Dlungwane kulindeleke ukuba ahambele lesi sikole ngoLwesine ukuze ayothola imininingwane ethe xaxa ngalesi sigameko.

UDlungwane uthe kuyethusa kakhulu ukuputshuka kwale video.

“Angikwazi ngisho ukuyibuka le video. Ngeke siyimele le nto, sizolusukumela lolu daba. Sixwayisa bonke othisha abajola nabafundi ukuthi bazoyikhotha imbenge yomile,” esho.

Ungqongqoshe ukhulume kulesi sikole ngoLwesine ntambama wathi lo thisha usemisiwe umsebenzini. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.