Kusuke isidumo onogada bedubulana nabasolwa eMhlanga

2017-01-18 10:00
Marshal Security

Marshal Security

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Kuboshwe abasolwa abahlanu abasolwa ngokuphanga ibhizinisi endaweni yabadla izambane likapondo, eMhlanga, ngoLwesithathu, kulandela ukududulana ngezulu lezandla nonogada kanye nokusukelana ngezimoto, kusho inkampani yonogada ezimele.

Lobu bubhudubhudu bokusukelana kuqale ngabo-05:00 ngesikhathi onogada beMarshall Security benza umkhankaso okhethekile wokulwa nobugebengu bebambisene namaphoyisa aseDurban North kanye nezinye izinkampani zonogada,” kusho okhulumela iMarshall Security, uKyle van Reenen.

Ngesikhathi kunalo mkhankaso, iziphathimandla zibone imoto yohlobo lweHyundai i20 eMhlanga inabantu abahlanu ngaphakathi.

OLUNYE UDABA: Kudubuleke umfana, 9, kudubulana awezigebengu eKapa

“Kuqale ukusukelana, abasolwa bagcina sebeseSomerset Park ngesikhathi bevulela ngenhlamvu kumalunga e-SAPS abebasukela.”

UVan Reenen uthi amaphoyisa akwazile ukubopha umsolwa oyedwa.

Abanye abasolwa babaleka ngemoto baya eMount Edgecombe Drive, nalapho imoto ishayise unqenqema yayowela phansi kule ndawo ebiyeliwe.

Kuboshwe abanye abasolwa abathathu kanti umsolwa wesihlanu yena ubalekile.

 UVan Reenen uthi onogada bakwaMarshall Security basukele lo msolwa nalapho bembhadame ecashe esikhotheni.

Uqhube wathi le moto yohlobo lweHyundai ibisanda kudunwa eMayville. Kuphinde kwatholakala nesibhamu endaweni yesigameko. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.