Kusuke umsindo ngokuxoshwa kwabafundi abebelwa nokudlwengulwa enyuvesi

2017-12-12 15:59

Cape Town – Abafundi ababili baxoshiwe enyuvesi yaseRhodes University ngemuva kokubekwa icala lokungaziphathi kahle ngesikhathi bebhikisha bekhala ngomkhuba wokudlwengulwa.

Ukuxoshwa kwalaba bafundi kususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana.

Ngokubika kweSABC News radio report, abafundi ababili besimame baxoshwe unomphelo kulo nyuvesi futhi kungenzeka bangabe besakwazi ukuqhubeka nezifundo zabo ngemuva kokubamba iqhaza kumbhikisho olwa nokudlwengulwa kwikhempasi yaseGrahamstown ngo-Ephreli 2016.

Lo mbhikisho wakhula ngesikhathi iqulu labesimame likhetha ukuzibambela lona ngezikhalazo zokuhlukunyezwa ngokocansi kulesi sikole.

OLUNYE UDABA:Inyuvesi izoqinisa ezokuphepha kulandela ukuhlaselwa kwabafundi

Isinqumo sokuxoshwa kwalaba bafundi sakhishwa ngomhlaka 17 Novemba ngemuva kokuba batholakale benecala lokuthumba, ukushaya, wukudicilela phansi kanye nokungawuhloniphi umthetho wesikole.

Kuthiwa lesi sinqumo asiphathelene nelungelo labafundi lokuteleka, kodwa ukuziphatha kwabo bekungale kwemigomo ababekelwe wona.

Alaba bafundi bathe bazosiphikisa isinqumo sale nyuvesi ngokuya enkantolo.

Imizamo yabeNews24 yokuxhumana nobuholi bale nyuvesi kayiphumelelanga.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.