Kusungulwe isikhwama sokunikelela umsubathi owacishe wagencwa imilenze egetshengwa

2018-03-08 09:30

Durban - Izakhamuzi zakuleli zivule izinhliziyo kanye nezikhwama zazo zemali zinikelela umsubathi ohlaselwe kabi ngoLwesibili.

Kunikelwe ngemali engaphezu kuka-R230 000 ngohlelo lwe-online crowdfunding eyenzelwe ukusiza abantu ngemali yezidingongqangi zabo.

"Le mali izosiza lo msubathi ekukhokheleni izindleko zokwelashwa, izinsiza zokuthutha, wukuthenga ibhayisikili elisha kanye nokukhokhelwa ukululama kwakhe,"kusho uJP Valverde okunguyena osungule lomkhankaso kuBackBuddy.

UMhlengi Gwala, 26, ubezilolonga ngase-University of KwaZulu-Natal ngabo-03:15 ngoLwesibili, ngesikhathi ehlaselwa.

"Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa esiseMbilo ngemuva kokuthi lo msubathi ehlaselwe ngabasolwa abathathu, abamhudulele esikhotheni ngaseMbilo.

"Bazamile ukushumpula imilenze yakhe ngesaha kulesi sigameko wabe eseyalimala," kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane ngoLwesithathu ekuseni.

OLUNYE UDABA: Ilimaze abantu indoda ebihlome ngesaha

UZwane uthe onogada yibo abasize uGwala wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

Ngokusho kwalowo ongumxhasi walo msubathi uSue de la Porte, uGwala uzamile ukunikeza abahlaseli umakhalekhukhwini nemali, kepha baqhubeka bamcindezela phansi befuna ukumnqamula umlenze.

Lo msubathi osemncane odabuka eNdwedwe, useke waphothula ama-triathlon amabili emazweni omhlaba.



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.