Kusungulwe ithimba elizophenya ngokubulawa kwabesimame abane

2017-05-17 16:02

Soweto - Amaphoyisa aseGauteng aphenya amacala amane okubulawa kwabesimame abasebasha abatholakale esigangeni eSoweto ngempelasonto.

Ngokubika kwephephandaba iSowetan, oyedwa walaba besimame utholakale eshisiwe.

Isidumbu sikaPopi Qwabe, 24, sitholakale elokishini eNaledi ngoLwesihlanu kanti esomngani wakhe uBongeka Phungula, 28, sitholakale eTladi ngoMgqibelo.

Esinye isidumbu sitholakale ngeSonto elokishini eNaledi ngesikaLerato Moloi.

Isidumbu sesine bekungakaziwa ukuthi ngesikabani sona sitholakale eMofolo ngeSonto.

Amaphoyisa asesungule ithimba elikhethekile elizophenya ngokubulawa kwalaba besimame. Leli thimba lihlanganisa amaphoyisa ayishumi nesithupha esebenzela amayunithi ehlukene ngaphakathi emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA:Kutholakale izidumbu ezingu-11 emayini eF State

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo uthe isidumbu sesine esitholakale eMofolo besishisiwe yingakho bengakwazanga ukubona ukuthi ngesikabani.

“Kuthiwa lo mzimba ubonwe abantu abebeyolahla imfucuza kule ndawo nokuyibona ababize amaphoyisa. Izingcweti ezihlola izidumbu zikuqinisekisile ukuthi lo mzimba ungowomuntu wesimame yize bekungakahlolwa ukuthi ungokabani,” kusho uMasondo.

“Sikugxeka kakhulu ukuhlaselwa kwabesimame. Lezi zigameko sezande ngendlela engamukelekile, yingakho sinxusa abesimame ukuba babhale phansi izinombolo zezimoto abagibela kuzona bazithumele amalungu omndeni,” kusho uMkhuzi wamaPhoyisa eGauteng uDeliwe de Lange.

(Abasesithombeni uPopi Qwabe noBongeka Phungula)

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.