Kusungulwe ithimba elizothungatha abaphazamisekile emqondweni

2017-02-03 08:31

Johannesburg - Uhulumeni waseGauteng usungule ithimba elizophenya kabanzi ngeziguli kanye izikhungu zikahulumeni elinezinsiza zokunakekela iziguli.

Leli thimba liholwa uM,qondisi Jikelele uPhindile Baleni ozinze ehhovisi likaNdunankulu walesi sifundazwe elekelelwa uMqondisi Jikelele kazwelonke uPrecious Matsoso.

Leli thimba lizoqhuba umsebenzi wokuthungatha iziguli ezigula ngengqondo ezigcinwe ezinhlanganweni ezahlukahlukene ezizimele zezempilo.

Ngokwesitatimende esinikezwe abezindaba ngoLwesine, kuqokwe namanye amalungu emindeni ethintekayo, kubika iCitizen.

OLUNYE UDABA:Iziguli zisabise amanesi emtholampilo

Leli thimba lizokhetha izikhungo zezempilo zikahulumeni ezinezinsizakusebenza ezanele ukunakekela labo abagula ngokwengqondo.

“Le yinqubo ebalulekile ukuze sibone izinyathelo esifanele ukuzithatha njengoba zizothathwa iziguli. Lokhu kuhambisana neziphakamiso ezenziwe yilowo obhekelele ezempilo uSolwazi Malegapuru Makgoba.”

Lokhu kulandela umbiko oveze ukuthi kushone iziguli ezingu-94 kulesiya sifundazwe, hhayi u-36 lo obubikiwe ekuqaleni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.