Kutatshwe impahla ezitolo kuqhubeka umbhikisho wamanzi eN West

2017-02-04 13:36

Rustenburg – Kuboshwe abantu abangu-10 ngemuva kokuba kutatshwe impahla ezitolo ezingu-6 eTsoseng eduzane naseLichtenberg kulandela umbhikisho onodlame, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesihlanu.

UBrigadier Sabata Mokgwabone uthe kutatshwe imnpahla ezitolo ezingu-6  e-Zone 1, eZone 2 naseZone 3 selokhu kuqale umbhikisho oze wabhebhetheleka nase-Itsoseng ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Omunye umbhikisho onodlame eTahrir Square

"Udlame nokugqekezwa kwezitolo kuze ngemuva kombhikisho wamalungu omphakathi okusolwa ukuthi akhala ngokushoda kwamanzi," usho njalo.

"Okwamanje, kuboshwe abasolwa abaneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-39 ubudala kusukela ngoLwesithathu kuya kuLwesihlanu ngamacala okugqekeza izitolo nokutholakala nempahla eyebiwe.

UMokgwabone  ucele ukuba umphakathi uhloniphe umthetho ugweme ukucekela phansi impahla kanye nobunye ubugenegu njengoba lokho kungavumelekile futhi kungabekezeleleki.


 - African News Agency

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

   

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.