Kuthi akathinte amafu ngedlela ajabule ngayo uZakes

2016-08-11 19:00

Johannesburg - Umculi ophinde abengusomabhizinisi uZakes Bantwini usephefumule okokuqala ngqa ngendlela ajabule ngayo mayelana nokuthi usezoba nengane yokuqala nonkosikazi wakhe uNandi Mngoma.

UZakes ngoLwesine uchaze ezinkundleni  zokuxhumana echaza ukuthi kungani yena noNandi bakhetha ukungazikhulumi ezomjolo wabo emphakathini.

OLUNYE UDABA:  UNandi Mngoma usenguNandi Madida

Ngemuva kwamaosnto amaningi kunemicabango eminingi ngalezi zithandani, zona ziqinisekise ukuthi sezishadile nokuthi zilindele umntwana  ngoLwesithathu ebusuku.

Izolo ebusuku uNandi Mngoma uvele wagibela esiteji emcimbini weMercedes Benz  Fashion Week waqinisekisa ukuthi uzithwele.

Selokhu uNandi eqinisekise lezi zindaba ezinhle akakaze aphawule ngazo, wakhetha ukuphendula imiyalezo emufisela okuhle, ebonga.

Kodwa uZakes ongwakazi ukuzibamba ubhale enkundleni yezokuxhumana i-Instagram ngoLwesine ekuseni ngomshado wakhe, ukuthi usezoba nomntwana, esho ukuthi yizona zinto ezimbili uNkulunkulu ambusise ngazo kulo nyaka.

"Kuningi okufanele ngikujbungaze, iculo lami elisha, Amantombazane, i-album yami entsha engisamatasa ngayo, umshado wami, umtwana, uNkulunkulu ungibusise ngempela kulo nyaka, "kubhala uZakes, kubika iTMG Entertainment.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.