Kuthinteke nendodana kaSfiso Ncwane ngokushona kukaLundi

2017-01-31 14:30

Johannesburg – Indodana yesihlabani somculi wokholo esisanda kudlula emhlabeni, uSfiso Ncwane, nokuwuNgcweti Ncwane, isinikele enkundleni yezokuxhumana, i-Instagram, nalapho ibidlulisa khona umyalezo ngokudlula komunye umculi womculo wokholo kwakamuva, uLundi Tyamara.

Emyalezweni wokukhumbula lo mculi, uNgcweti ubhale ukuthi: “Malume Lundi, ukushona kwakho kubuyisele emuva uhlelo lokulapheka kwethu ikakhulukazi umama.”

OLUNYE UDABA:Kusenzima emndenini kaLundi ukwamukela isimo - Umbiko

Kulo myalezo obumfishane, uNgcweti uphinde wabonga uLundi ngokusiza ububa wakhe ukuze akwazi ukungena kule ndima yomculo.

“Ngiyabonga ngokuvumela uNkulunkulu ukuthi akusebenzise ukuze wethule ubaba endimeni, ubaba wayehlale esitshela udaba [ngokuthi] wasiza kanjani ulalela i-demo yakhe. Ubusuku obuhle malume ngithandazela [ukuthi] uphumule ngokuthula njengobaba."

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, uLundi ushone ngo-12:40 ngoLwesihlanu, mhlaka-27 kuJanuwari e-Edenvale Hospital nalapho ebelashelwa khona isifo se-TB yesisu kanye nokugula okuphathelene nesibindi.

Funda umbhalo wendodana kaSfiso Ncwane, uNgcweti, ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.